Wednesday, November 4, 2020

Kuzobe kunendumezulu yomcimbi

 



Kuzobe kunendumezulu yomcimbi wokweseka abebala elimhlophe eThekwini. Lomcimbi uhlelwe u- Andile "MC Pholobas" Ngcobo, kulomcimbi kuzobe kuhlonishwa nomculi we-Hip Hop u-Duncan ngemisebenzi yakhe emihle yokweseka abebala elimhlophe.


UDuncan uzohlonishwa yinhlangano yabanebala elimhlophe, iMasiqoqane Albinism Foundation ngomhlaka 7 Novemba, eDurban Station. UDuncan uhlonishwa nje kungenxa yengoma yakhe iSikelela ayikhiphe ngonyaka odlule, enomlayezo oxwayisa ngokucwaswa kwabanebala elimhlophe.

“Ngisanda kuhlonishwa amaphoyisa eSAPS, emiklomelweni yezindondo namaphoyisa ngenxa yawo umculo wami. NeMasiqoqane ingitshele ukuthi izongihlonipha ngenxa yeculo lami, iSikelela lapho ngiqwashisa kulona ngabantu abathwala ngabanebala elimhlophe, benze umuthi,” kusho uDuncan.

Usihlalo weMasiqoqane Albinism Foundation, uAndile “MC Pholobas” Ngcobo, uthe uDuncan ube nesibindi kakhulu wacula ngabantu abanebala elimhlophe, yingakho bethathe isinqumo sokuthi bamnike inhlonipho efanele.

“Isikhathi esiningi abantu abanebala elimhlophe bayacwaswa. Abanikwa ngisho ithuba uma kuvela imisebenzi ezindaweni zikahulumeni noma emisakazweni emikhulu. Yingakho kuhlelwe lomcimbi, senzela ukuthi nabo bezizwe bebalulekile emphakathini nakwezinye izindawo,” kusho uMC Pholobas.

Uthe umcimbi uzoqala emini ngo-2, kwamukeleke abantu bamabandla  ezinkolo ezihlukene. Uqhube wathi ukungena ngoR120 kwabahamba ngababili, kube uR70 kohamba yedwa. Abanebala elimhlophe bazongena mahhala emcimbini. Uphinde waveza nokuthi kuzobe kunandisa nabaculi abehlukene kuwona lomcimbi, okukhona khona uKhuzani,  uDumakahle, uCevuzile, Mbuzeni, Majotha, Qhosha nabanye. 

No comments:

Post a Comment